Isililo Kushona Inkakha Kwezemidlalo Yeshashalazi

Written by on 28 December, 2023

By: Staff Writer

Alokhe engenile amazwi enduduzo kumndeni wakwaNgema kulandela ukushona kwengwazi yombhali wemidlalo yeshashalazi, nobewaziwa kakhulu ngomdlalo iSarafina, uMbongeni Ngema.

UNgema ushone ngoLwesithathu ebsuku engozini yemoto kade ebuya emngcwabeni eLusikisiki, e-Eastern Cape.

UNgema owazalwa ngo-1955 eVerulam, KwaZulu-Natal, waqala umsebenzi wakhe wokuba ngumdlali weshashalazi edlala isigici wabe eseduma ngemdlalo yakhe yeshashalaz i-Sarafina neWoza Albert neyawina izindondo phesheya kwezilwandle.

UNgema uphinde waduma ngokubhala izingoma ezishisa izikhotha okubalwa kuzo i-Stimela saseZola.

UNgema ubephinde ahlonishwe kakhulu ngamagalelo akhe ekuvumbululeni nokucija amakhono abantu abasha njengoba abantu abafana noLeleti Khumalo, Somizi Mhlongo, Sindi Dlathu kanye no Mfiliseni Magubane bephume esandleni sakhe.

Okhulumela umndeni uNhlanhla Ngema uthi umndeni ugqemeka ingozi engeqiwa ntwala ngalesi sigameko sokudlula kwamfowabo emhlabeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background