ITheku lithi Isimi Ngomumo Inkundla Yezemidlalo Ukwamukela Izihambeli

Written by on 24 February, 2024

By: Zilungile Mkhize

UMasipala weTheku uthi inkundla yezemidlalo iMoses Mabhida ilokhu ibonakala ihamba phambili emaqenjini ezombusazwe azogcina imicimbi yawo emikhulukazi yezokhetho, nothi kuyinto enhle kakhulu kwezomnotho welelidobha, nenkundla imbala.

Namhlanje kulindeleke ukuthi iMabhida igcwale izinkumbi zabalandeli be-ANC, njengoba izokwethula izethembiso zayo zokhetho, iManifesto.

UMasipala uthi wonke amalungiselelo abhekene neMoses Mabhida asephothuliwe futhi iTheku lilindele izinkumbi zabantu nokuyinto enhle kwezomnotho nabadayisi abancane.

Okhulumela umkhandlu uGugu Sisilana uyenaba.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background