Iziboshwa Ezigwetshiwe Zisayinkinga Ngobugebengu

Written by on 30 November, 2023

By: Sithulile Mdletshe

Ukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natala, uNhlanhla Mkwanazi, uthi iziboshwa ezitokile nezigwetshiwe zisanomthelela omkhulu ebugebengwini obuqhubekayo nsuku zonke.

UMkhwanazi usho kanje e-Phalamende ethula izinhlelo abanazo ngokusebenzisana nezinhlaka ezahlukene zokuphepha ukulwisana nobugebengu.

Uthi isikhathi esiningi lezi ziboshwa eziyingozi ezidonsa ejele ngamacala abucayi okubalwa awokudlwengula, awokubamba inkunzi, awokuthumba kanye nokubulala izona ezikhipha umyalelo oya ngaphandle.

Uthi ke ingakho sekusungulwe izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa ukugoba lamaqembu obugebengu emalokishini esuke ekhandwa iziboshwa ezindala ezigwetshiwe.

Uthi nangaphakathi emajele bayasebenzisana nomnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo esifundazweni ukuthola onqondonqondo balobu bugebengu.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background