Izoqina Imigomo Kulabo Abathutha Abantwana Besikole

Written by on 16 November, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Inhlangano yamatekisi i-Santaco ithi izoqinisa isandla ukulawula ukuthi obani abangathutha izingane zesikole.

I-Santaco ithi lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izithuthi zabantwana zilandela yonke imigomo efanele yemigwaqo nephephile

Ukusho lokhu njengoba zivele zikhona izithuthi ezivumelekile ekuthuthweni kwabantwana ezisemthethweni nezibonakala ngeziqeshana zakulezo zindawo eziqhamuka kuzo.

Ekhuluma ohlelweni lweGagasi FM oyimenenja ehhovisi le-Santaco KwaZulu-Natal, u-Sfiso Shangase,uthi kuhlolwe uhlobo lwabantu abathutha izingane ukuqinisekisa nje nokuphepha kwabantwana.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background