Skip to main content

By: Pamella Majola

UNobhala Jikelele we-African National Congress, uFikile Mbalula, uthi isinqumo abasithathile njengenhlangano sokumisa owayenguMengameli wayo uJacob Zuma, kube ngesifanele futhi esiphusile.

Usho kanje ngenkathi ethulela abezindaba isinqumo sesigungu esiphezulu salenhlangano iNEC, nokumisa ubulungu bukaZuma eqenjini, kulandela isimemezelo sakhe sokuzibandakanya nemikhankaso yenye inhlangano, uMkhonto Wesizwe.

UMbalula uthi bazama ngezindlela ezahlukene ukuyilwa eyokuthi kuvulwe iqembu elibizwa nge MK, kodwa nabo bethuka sebebona ukuthi liphumulele.

UMbalula uthi uZuma akaselona ilungu leqembu i-ANC.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/YDRpYn4WZvJvJw&podcast_id=49c7bbdc-382b-4a5b-ae59-d51bd5a84fb9″ width=”100%” height=”200″]