Skip to main content

By: Pamella Majola

INkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu  isigixabeze uSongezo Mpulampula odilikajele ababili ngecala lokudlwengula kanye nokubulala ingane eneminyanya engu-4 ubudala.

Imbiko yamaphoyisa ithi uMpulampula noneminyaka engu-22 ubudala wadonsela lengane endlini yangasese nala wayidlwengula khona wabeseyiklinya wazama nokuyithungela ngomlilo.

Okhulumela uphiko lwabezokushushisa i-National Prosecuting Authority (NPA) uNatasha Ramkissan Kara uthi lesisigwebo sizokhombisa nabanye ukuthi awukho ushwele kulabo abahlukumeza abantu besifazane kanye nezingane kuleli.

UKara uqhuba ngokuthi iNational Prosecuting Authority (NPA) isamukele lesisigwebo.