Kukhalwa Ngenqwaba Yezidumbu Eziduve Emakhazeni

Written by on 23 April, 2024

By: Xolani Khumalo

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uJoe Phaahla, usedalule ukuthi zingu-2000 izidumbu zabantu eziduve kwaze kwadlula isikhathi zingalandiwe kuwo wonke amakhaza kaHulumeni kuleli.

UPhaahla ubephendula umbuzo awubuzwe abasephalamende.

Uthi-ke lezidumbu zisabalele ezifundazweni ezingu-6 zakuleli kanti-ke isifundazwe saseKZN isona isineziningi ezingalandiwe imindeni yazo.

kanti ezinye zazo sezihlale cishe isikhathi engingangonyaka.

OnguMqondisi obhekelela ukuhanjiswa kwezidingo zezibhedlela ngaphansi koMnyango wezeMpilo uRelenogile Ncha uyachaza ngokuba imbangela yalokhu.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background