Kukhuzwa Imiphakathi Ezibambelayo Ezigebengwini

Written by on 25 October, 2023

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, usexwayise umphakathi ngokuzithathela umthetho ngezandla njengoba ethi abenza lokhu bangase bakhalelwe ngamasongo kasigonyela.

UHlomuka usho kanje kulandela ukudutshulwa kubulawe abantu abangu-7 izolo KwaMashu enyakatho yeTheku besolwa ngokuba yizigebengu ebese zibe wuhlupho emphakathini.

Ngokombiko wamaphoyisa izidumbu zalaba zitholwe zidindilize ngaphansi kwebhuloho lesitimela ekhoneni lemigwaqo uMalandela no M25 zinamanxeba okudutshulwa emakhanda nasemzimbeni.

Lamadoda aneminyaka elinganiselwa ko-30 ubudala kubikwa ukuthi abesolwa ngamacala obugebengu obunhlonhlobo endaweni.

Oyisikhulumi soMnyango, uThando Biyela, uthi uHlomuka usenxuse amalungu omphakathi ukuthi angazithatheli umthetho ezandleni kodwa abikele abomthetho.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background