Kunxuswa Amasosha Ahlala e-Aloe Ridge Ukuthi Abhalisele Izindlu Zoxhaso

Written by on 16 January, 2024

By: Dawud Phungula

Iphini likaSekela Ngqongqoshe emnyangweni Wezokuhlaliswa Kwabantu kuleli, UPam Tshwete, selinxuse amasosha alwela inkululeko yakuleli ukuthi abhalise ohlelweni lokuthi athole izindlu ngokusemthethweni.

Usho kanje njengoba amasosha eMilitary Veterans eminyakeni engu-5 eyedlule angena ngodli emaflethini abizwa nge-Aloe Ridge, eWestgate eMgungundlovu ekhala ngokuthi sekuneminyaka engu-30 athenjiswa izindlu uhulumeni.

Lamasosha aqhuba aveza ukuthi angeke ayendawo uma engakazitholi izindlu zawo.

UTshwete uthi loluhlelo lwezindlu nguhlelo oluhle kakhulu  oluzozuzisa ngisho imindeni nomangabe abantu abahlomulile  bayadlula emhlabeni kodwa bazokwazi ukuba nekhaya abangeke bagxoshwe muntu kulona.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background