Kunxuswa Izakhamuzi Ukuthi Zibhalisele Ukuvota Ngezobucwepheshe

Written by on 20 November, 2023

By: Pamella Majola

IKhabinethi likazwelonke selinxuse abantu abangakubhaliselanga ukuvota kulempelasonto esiphuma kuyo, ukuthi basebenzise ezobucwepheshe babhalise nabo.

Lokhu kwenzeka njengoba ngonyaka ozayo kuzovotelwa uhulumemi kazwelonke kanye nowezifundazwe.

UNgqongqoshe ehhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni uthi ukubhalisa ngezobucwepheshe kulula futhi kuyashesha.

UNtshavheni ekhuluma esithangameni sabezindaba usebeke kanje.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/RKJvLpVYBXWp54&podcast_id=44be4968-01f0-4c3b-80be-e518723582ca” width=”100%” height=”200″]

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background