Kushubile eSukuma Comprehensive Abafundi Bebhekene Ngeziqu Zamehlo Namaphoyisa

Written by on 12 October, 2023

By: Nompendulo Ngubane

Abafundi besikole samabanga aphezulu iSukuma Comprehensive, eMbali Unit 1, ePietermaritzburg, sebevuke umbhejazane bamisa ukusebenza komgwaqo uFJ Sithole kulelilokishi ngoba befuna umnyango wezeMfundo ungenelele ezinkingeni ababhekene nazo.

Labafundi bakhala ngokungabi nakho ukudla kulesiskole kusukela ngoMsombuluko, kanti lesiskole sesiphinde sacishelwa ugesi ngenxa yokuthi umnyango wezeMfundo awuyikhokhile ingxenye yemali okufanele ukuhlangabezana nalezindleko.

Kumanje ukufunda sekume nse njengoba abafundi beshisa amathayi ngenhloso yokuthumela umyalezo emnyangweni ukuze ubanake.

Lombhikisho wenzeka nje abafundi baka-Grade 12 basalelwe yizinsuku ezingu-17 ukuthi babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

Bekhuluma nezindaba zeGagasi FM sebebeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

Kanti imizamo yokuthola umnyango ibingakaphumeleli.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background