By: Sthulile Mdletshe
Usihlalo we-African National Congress (ANC) kuzwelonke uGwede Mantashe, usegxeke uNobhala-Jikelele walenhlangano uFikile Mbalula, ngokuphumela obala ngesinyathelo senhlangano sokuqamba amanga ukuze kuvikeleke owayenguMengameli uJacob Zuma ngesikhathi kunezinsolo zenkohlakalo ezazithinta umuzi wakhe oseNkandla enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Isenzo sikaMbalula sokuphumela obala ngaloludaba, sesigxekwe kakhulu, ngamanye amalungu eANC ethi singaba nomthelela ongemuhle njengoba kuyiwa okhethweni nje.
Amaqembu aphikisayo, okuhlanganisa i-DA kanye ne-IFP, athi afuna izimpendulo ebuholini be-ANC, ngoba uma lezinsolo ziyiqiniso, kusho ukuthi kwakhohliswa izwe futhi ishiya nombuzo othi i-ANC ikufanele yini ukuphatha.
UMantashe uthi uMbalula kwakungafanele akhulume ngale komyalelo weqembu.