Kuxwayiswa Abashayeli Kulezimvula Ezihlasele Isifundazwe

Written by on 26 December, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Usekela Mongameli, uPaul Mashatile, usenxuse abashayeli bezimoto ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo, bashayele ngokuphepha, bangaphuzi bese beshayela kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimusi.

UMashatile usephinde wagqugquzele abashayeli bezimoto abazobe behambele ezindaweni ezahlukene ukuthi bagweme ukuhamba ebusuku uma kungenzeka.

Ukusho lokhu njengoba izimvula ezinamandla ziqhubeka nokuna, eGauteng, eMpumalanga, Kwazulu-Natal nase-Eastern Cape.

Ngokwembiko yakwa-South African Weather Services (SAWS) lemvula kulindeleke iqhubeke kuze kube impelasonto.

UMashatile uthi ke abashayeli bezimoto kumele baqaphele kakhulu ngezimpelasonto njengoba izingozi zomgwaqo ziyaye zibe phezulu ngalezo zinsuku.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background