Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Icala lokubulala elibhekene nephoyisa likaMasipala weTheku, uSizwe Ngema selihlehlehliselwe umhlaka-9 kulenyanga.

UNgema osolwa ngokugwaza abulale intombi yakhe ebikhulelwe, uYolanda Khuzwayo, uvele kafushane enkantolo kamantshi eThekwini izolo.

Kubikwa ukuthi lezi zithandani bezihleli zijabule ziziphuzela ngenkathi kuqubuka ingxabano phakathi kwazo neholele ekutheni uNgema, abhokode ngommese uKhuzwayo.

Ngokombiko wamaphoyisa umsolwa ube esethatha ama-video nezithombe zalowesimame esephefumula okokugcina wazithumela kubantu abaningi, ezinye wazifaka ezinkundleni zokuxhumana.

Amaphoyisa aqhuba uphenyo ngalesigameko athi yize ingakacaci imbangela yalokhu, kodwa asola ukusetshenziswa budedengu kotshwala kanye nezidakamizwa.

Kanti ephawula ngalesi singameko owe DA kwezokuThuthukiswa koMphakathi e-KZN uMmabatho Tembe uthi kusobala ukuthi amaphoyisa asadinga ukuqeqeshwa uma kuza emacaleni odlame.