Skip to main content

By: Dawud Phungula

Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya isigameko sokudubula esenzeke esikoleni iMawelele Primary School, eKlaarawter ngaphandle kwasePinetown ngemuva kokuba amadoda angaziwe efike agasela kulesiskole abamba othisha inkunzi.

Kulesisgameko kudubuleke uthisha kanye nomsolwa.

Okhulumela i-ALS Paramedics, uGareth Jamieson, uthi ngemuva kwesigameko lapho othisha bephucwe amafoni kanye namaLaptop kube sekubakhona ukudubulana phakathi kothisha , onogada kanye nabasolwa.

Uthisha oyedwa ube esedubuleka emlenzeni waphuthunyiswa esibhedlela kanti umsolwa yena udubuleke amahlandla amaningi walashwa khona endaweni yesigameko.