Sekuqubuke Umsindo Ephalamende Kudingidwa Ngomvikeli Womphakathi

Written by on 19 October, 2023

By: Pamella Majola

IPhalamende seliqalile ukuba nenkulumo mpikiswano mayelana nozongena njengomvikeli womphakathi omusha.

Sekuvele kwaqubuka umsindo khona ephalamende ngesikhathi umholi we-Democratic Alliance, uJohn Steenhuisen, ethathana nosomlomo, uNosiwe Maphisa Nqakula, omyalele ukuthi ahlale phansi ngesikhathi ephakama ezwakalisa ukunganami kwakhe ngokukhonjwa indlela kwelungu le-DA, uGlynnis Breytenbach, esolwa ngokuphazamisa.

UMapisa Nqakula uxoshe uBreytenbach emva kwenkulumo abeyithula nalapho edalule ukuthi umvikeli womphakathi osabambile uKholeka Gcaleka wakushulelwa ezikhundle eziphezulu ngenxa yokwazana nezikhulu ezithile kuhulumeni.

Ukukhishwa kwakhe ePhalamende akuhlalanga kahle kumholi wakhe uSteenhuisin, ovele wathathana kanje noSomlomo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

I-DA isikhethe ukushiya phansi lenkulumo mpikiswamo yahamba ephalamende.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background