Senyukile Isibalo Sezivakashi Kuleli

Written by on 15 April, 2024

By: Buhle Mbhele

Ukhomishana wesikhungo esibhekele imingcele yakuleli iBorder Management Authority, uMike Masiapato, uthi lenyukile inani labantu abavakashele iNingizimu Afrika kulamaholidi ephasika uma liqhathaniswa nelangonyaka owedlule.

UMasiapato uthi bangaphezu kuka-1 million abantu abadlule emingceleni engu 71 engenela kuleli kusukela mhlaka 26 March kuya kumhlaka-4 April.

Usho kanje esithangamini sabezindaba izolo ePitoli ngenkathi ethula umbiko ngokusebenza kwalesikhungo ngamaholidi ePhasika yakulonyaka.

Uqhuba ngokuthi inani lezivakashi lenyuke ngo-24 phesenti kulonyaka odlule.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background