Isimo Simanzonzo Kwizisulu Zezikhukhula

Written by on 11 January, 2024

By: Dawud Phungula

Izisulu zezikhukhula ezihlala e-Indoor Sports Complex, eLadysmith enyakatho yeKwaZulu-Natal, zithi impilo inzima njengoba zilahlekelwe yikho konke ebezikade zinakho.

Lezi sulu ezilinganiselwa ku-70 zithi sekuyinhlalayenza ukuba zibhekane nenkinga efanayo uma kuke kwaba nezimvula ezinamandla.

Zithi ziyafisa kube khona iziphathimandla ezikwenzayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaphuma kulolusizi njengoba abanye beveze ukuthi njengoba izingane zibuyela ezikole abazi bazothathani bahlanganise nani.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, nezoMdabu, UBongi Sithole Moloi uthi  lezikhukhula zifike besamatasa belungisa udaba labantu abakhahlamezeka  kwizikhukhula zikaDecember

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background