Siyanyuka Isibalo Sabantu Abanesifo UPhenyane

Written by on 5 March, 2024

By: Bright Ntuli

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthi silokhu sikhula ngamandla isibalo sabantu abahaqwe yisifo samehlo uphenyane kulesifundazwe. 

Uqhuba ngokuthi kumanje sebengaphezulu kuka-1000 abantu asebetholwe benalesifo esenza amehlo abe bomvu, alume, futhi avuvukale.

Umnyango uthi isifunda saseThekwini yiso esithinteke kakhulu  njengoba bengu 1040 abantu bakulesifunda asebetholwe nezimpawu zalesifo. 

Oyisikhulumi somnyango uMdu Ncalane uyachaza.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background