By: Dawud Phungula
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, uthi benguhulumeni ngeke bakhohlise abantu ngokuthi bazobafakela ama-transformer kagesi mahhala kodwa bazimisele ukusebenzisana nomphakathi bawulekelele.
Usho kanje ephendula imibuzo yamalungu omphakthi ngenkathi kuqhubeka Imbizo ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo kaMeyiwa, eNtshanga, entshonalanga yeTheku.
Abahlali baku -Ward 4 bazwakalise ilaka labo ngezinye izindawo ezingenawo ugesi ngenxa yokusha kwama-transformer, kanti uDube-Ncube uthi umphakathi kumele kube khona imali oyihlanganisayo ukuze bakwazi ukuthi bawulekelele.
Uqhuba ngokuthi nokho uma seyishe kaningi ngeke bakwazi ukungenelela.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/PVZ8MZzyVxP6BR&podcast_id=71609146-597f-4a22-b480-85ace4628486″ width=”100%” height=”200″]