UHlabisa Uthi Abangabhecwa Ngobende Inyama Bengayidlanga

Written by on 22 March, 2024

By: Sthulile Mdletshe

Umholi weNkatha Freedom Party (IFP), u-Velenkosini Hlabisa, uthi iqembu le-African National Congress kuzomele libanike ubufakazi bokuthi ngempela kwaba amalunga e-IFP ahlasela ashaya abantu be-ANC kwaCeza enyakatho ye-KZN ngempelasonto eyedlule.

Lokhu kulandela isigameko phakathi kwasihlalo we-ANC, uSiboniso Duma noNdunankulu wakwaZulu, uThulasizwe Buthelezi, esenzeka emcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo

Udaba lukaDuma lusasematheni emva kokuthi ebonakale ethatha umbhobo wokhuluma kuButhelezi ngendluzula.

Konke lokhu kuhilizisana kwenzeka phambi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini kanye nomongameli uCyril Ramaphosa neziphathimandla zakwaZulu-Natal.

Kulandela lesi sigameko kube sekusabalala i-voice note nalapho kusolwa amabutho akwazulu nabalandeli be-IFP ngokuthela induku abalandeli beqembu le-ANC.

UHlabisa nobekhuluma nabezindana ngobudlelwane baleliqembu ne-ANC e-KZN uthi i-ANC kumele isekele lezi zinsolo ezenzile ngoba akusiwo wonke amabutho akwaZulu akwi nhlangano ye-IFP.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background