UHlophe Usechithe Eyobudlelwane noZuma

Written by on 8 December, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Umengameli wamajaji e-Western Cape osamisiwe u-John Hlophe uyayichitha eyokuba nobudlelwane nalowayengumongameli wezwe u-Jacob Zuma.

UHlophe usezichithile izinsolo zokuthi wazama ukuguqula izinqumo ngokungafanele eNkantolo Yomthethosisekelo, ukuvuna uZuma.

UHlophe usho kanje kwinkulumo ekhethekile kuhlelo lweGagasi FM, Indaba no-Alex.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ka-2008, amajaji uChris Jafta no Bess Nkabinde bafaka iskhalo sokuthi uHlophe weza kubo ngenkathi iNkantolo yoMthethosisekelo icubungula icala lenkohlakalo elithinta uZuma nenkampani yezikhali iThales.

Lamajaji asola uHlophe ngokuzama ukuthi leli cala lichithwe enkantolo.

Kodwa ke uHlophe uthi yena wayengenanhloso embi, kodwa wayezikhulumela ngamacala ababhekana nawo nsuku zonke nabalingani njengoba benako ukwenza.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background