By: Nompendulo Ngubane
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, useveze ukuthi uhulumeni wakhe usubeke eceleniimali engu 11.5 million wamarand ukweseka izinhlelo zokulwisana nokubulawa kwamaKhosi.
UDube-Ncube usho kanje ngenkathi Ethula inkulumo yakhe ebhekiswe esifundazweni ePietermaritzburg.
Useqale ngokundlala umlando mayelana nokuthi amaqhawe eAfrican National Congress (ANC) angasekho emhlabeni asebenza kangakanani ukuqinisekisa ukuthi impilo yezakhamuzi zakuleli ithuthuke ngokulethelwa izidingo.
Uqhuba ngokuthi kuyishwa ke ukuthi amakhosi okuyiwo abhekelele intuthuko yezizwe zawo, abulawe.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/DxX1Nr4W359R5M&podcast_id=28152103-40b2-45a4-8ab6-5f8f5aebdef2″ width=”100%” height=”200″]