Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Inkantolo enkulu ePitoli isichithile isicelo esiphuthumayo sokuvimba ukuboshwa kuka-Somlomo wePhalemende uNosiviwe Mapisa Nqakula.

UNqakula ubefake isicelo sokuthi kumiswe ukuboshwa kwakhe ekhala ngokuthi kuphambene nomthetho.

Lokhu njengoba uphiko lwabashushisi i-National Prosecuting Authority (NPA) icindezela ukuthi uSomlomo lo osathathe ikhefu abhekane namacala njengawo wonke umuntu kungabi khona ukuchema ngokwezikhundla

UMapisa Nqakula ubhekene namacala okugwazisa osomabhizinis ngemali engaphezulu kuka- R2 million ngesikhathi esanguNgqongqoshe wezokuVikela.

IJaji uSulet Potterill ekhipha isinqumo uthi inkantolo ayikwazi ukumemezela ukuboshwa okungakaze kwenzeke ikuhlonze njengokuphambene nomthetho.