Sekuphazamiseke Ukuqulwa Kwecala Kuquleka Isiboshwa Enkantolo

Written by on 11 October, 2023

By: Sthulile Mdletshe

Sekubekhona ukubambezeleka eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ekuqulweni kwecala likaThabo Bester ngemuva kokuthi uNandipha Magudumana equleke esitokisini samaphoyisa.

UBester , uMagudumane nabasolwa abangu-11 bavele kulenkantolo namuhla.

Labasolwa babhekane namacala ngokuhlukana okubalwa kuwona inkohlakalo, ukusiza isiboshwa ngokweqa kanye nokweba isidumbu.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBester weqa ejele laseMangaung eBloemfontein ngonyaka ka-2022 nalapho ayedonsa khona udilikajele.

Namanje akukacaci ukuthi uMagudumana uzoqhubeka nokuvela yini njengoba bekuhleliwe.

Echaza ngalokhu ummeli uMachini Motloung ubeke kanje.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Mzp7r7mY6zpW2&podcast_id=fe156544-2b20-47ba-a0f3-21a5fcdf94c4″ width=”100%” height=”200″]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background