Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Usihlalo we-African National Congress (ANC) kuzwelonke uGwede Mantashe uthi njengamanje akukho akusabayo ngemiphumela yokhetho njengoba ukubala kusaqhubeka nje.

UMantashe usethelekile esikhungweni sakwa-IEC lapho kwamukelwa khona imiphumela yezokhetho kazwelonke kanye naleyo eqhamuka ezifundazweni ezahlukene eMidrand eGauteng.

Njengamanje i-ANC ihamba phambili ngo 42.5%, ilandelwe yiDA ku 25.6%, kanti i-EFF ilele isithathu kuzwelonke ngo 8.5 wamaphesenti.

uMantashe usetshele izintatheli ukuthi kusasekuseni ukuthi angaqala atatazele ngemiphumela.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/R14nBX68DZXJ5V&amppodcast_id=40b679a8-e2ef-43fc-9955-d92652f315c4″ width=”100%” height=”200″]