Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

UNobhala Jikelele we-African National Congress (ANC), u-Fikile Mbalula, uthi lowayengumengameli uJacob Zuma ngokweseka iqembu i-MK uvulele izitha igebe lokuthi zibe namandla okuhlakaza i-ANC ngokubambisana namaqembu aphikisayo.

UMbalula usho kanje esithangamini sabezindaba eThekwini nalapho leli qembu lethula khona izinhlelo zeManifesto Launch yaleli qembu nezobe ibanjwe kulempela sonto e-Moses Mabhida eThekwini.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma nowayengumengameli we-ANC uphumele obala washaqa abaningi ngokuthi uzokweseka iqembu elisanda kusungulwa uMkhotho weSizwe nakuba esayilunga eliphelele le-ANC.

Kwayona i-ANC ibingakacacisi ngenzinyathelo ezozithathela uZuma njengoba engawuvali umlomo ngokweseka i-MK okhethweni lukazweloke noluzoba ngomhlaka-29 kuMay.

UMbalula uthi yize bengenavalo ngokuthi bazonqoba kulelokhetho kodwa ke kuyadumaza okwenziwe uZuma ngoba kwakumele ngabe konke kwadingidwa ngaphakathi eqenjini kutholwe izisombululo uma ngabe akaneme

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/ypr1xn8KGzqvNr&podcast_id=2b925fd8-8a88-4f9a-8af9-88e3329363d9″ width=”100%” height=”200″]