UMkhwebane Uhlaba Eyokukhishwa Kuka-John Hlophe Esikhundleni

Written by on 22 February, 2024

By: Xolani Khumalo

Owayengumvikeli womphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, uthi ukukhishwa esikhundleni kukaloyo obeyinhloko yamajaji eNkantolo ePhakeme yase-Western Cape uJohn Hlophe kuyitulo ebelihlose ukufeza izinhloso zabamhlophe zokulwisana nobuhlakani bomuntu omnyama.

Ezwakalisa imizwa yeqembu lakhe i-Economic Freedom Fighters (EFF) uMkhwebane uthi lelitulo elihlelwe i-African National Congress (ANC) kanye ne-Democratic Alliance (DA) liyinto ebuhlungu kakhulu, newukuhlasela okubhekiswe kumuntu omnyama ophumelelayo.

Izolo abengu-305 amalunga ephalamende avotele ukuba uHlophe akhonjwe indlela kanti abengu-27 kuphela avotele ukuba angaxoshwa.

UMkhwebane-ke uthi abuzange bubekhona ubulungiswa ngendlela ekusingathwe ngayo udaba lukaHlophe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background