Umnyango weZoLimo Uyaqhubeka Nokugqugquzela Ukutshala
Written by Mduduzi Phungula on 3 April, 2024
By: Nompendulo Ngubane
Ikhansela laku-ward 1 kwaMpumuza ePietmaritzburg uKhulekani Msomi uthi isenzo somnyango weZoLimo esifundazweni saKwaZulu-Natal sokuphendula izimfuno zomphakathi sizokwenza omkhulu umehluko.
Lokhu kulandela emva kokuthi uNgqongqoshe weZoLimo, uSuper Zuma, ehambele izakhamuzi ukuzinikeza izinhlelo zentuthuko okubalwa ukuvula idiphi lezinkomo, waphinda wanikela ngezitshalo.
UMsomi uthi ngonyaka odlule izakhamuzi zacela usizo kuNgqongqoshe kanti ezinye zalezi zinhlelo bekuyizimpendulo ezacelwa umphakathi.
Uqhuba uthi uMsomi okuhlaba umxhwele ukuthi kunamathuba omsebenzi avuleleka kubantu bendawo kanti futhi lokhu kuzosiza ekunciphiseni izinga eliphezulu lentsha engasebenzi.
Nangu uMsomi echaza.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.