Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Umphakathi waseGreytown, eningizimu neKwaZulu-Natal usunxuse uhulumeni wesifundazwe ukuthi uwunake nawo mayelana nezindaba eziqondene nesinxephezelo somhlaba.

Lomphakathi uthi kusukela ngonyaka ka-1998 uzama ukulungisa ukuthi uthole isinxephezelo ngomhlaba wawo okwakhiwa kuwona amapulazi.

Namuhla lomphakathi umashela ehhovisi likaNdunankulu ngenhloso yokudlulisa uhla lwezikhalo zayo uphinde ucele ukuthi leli hhovisi lingenelele kulolu daba oseludonse iminyaka.

Okhulumela umphakathi uMfanukhona Madlala uthi bacela ukuthi uhulumeni afake isandla alekelele ngoba bona njengomphakathi sekuphele isikhathi eside beshawa indiva odabeni lomhlaba wabo.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/JPJ8G78Dr95B1m&amppodcast_id=5df45551-e1ae-4423-a7d9-2362cb57199a” width=”100%” height=”200″]