Umphakathi WaseNtshanga Ufuna Ubulungiswa Ngokubulawa KukaMsomi

Written by on 17 January, 2024

By: Dawud Phungula

Umphakathi waseNtshanga, entshonalanga yeTheku uthi ufuna kwenzeke ubulungiswa agwetshwe umlisa oyiphoyisa osolwa ngokubulala owayengunkosikazi wakhe aphinde abenguthisha uThobeka Msomi.

Lomphakathi usho kanje ngenkathi uphume ngobuningi bawo ukuya enkantolo yamajaji ePietermaritzburg lapho kuqhubeka khona ukuqulwa kwalelicala eselithathe iminyaka.

UMsomi wadutshulwa washona ekhaya lakhe eliseNtshanga ngonyaka ka-2022 ngemuva kwengxabano eyabakhona nomsolwa.

Ngokwemibiko yabezindaba umsolwa wayejwayele vele ukuhlukumeza uMsomi njengoba nangosuku lwesigameko kubikwa ukuthi wezwakala ememeza ecela usizo kodwa omakhelwane besaba ukungenelela njengoba umsolwa echazwa njengomuntu oyibhoklolo.

Lamalunga omphakathi ekhuluma nezindaba zeGagasi FM asebeke kanje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

[CLIP]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background