Ungoti Wezomthetho Uthi Ayingasolwa I-IEC Ngokunqanda uZuma

Written by on 18 January, 2024

By: Xolani Kumalo

UNgoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi akukho okusolisayo ngesinqumo sesikhungo esibhekelela ezokhetho i-IEC sokuvimba owayenguMongameli wakuleli uJacob Zuma ukuthi amele inhlangano uMkhonto Wesizwe ephalamende okhethweni esibheke kulo.

UZikalala uthi isiqeshana somthetho uSection 47 E olawula ezokhetho, sikubeka kucace ukuthi umuntu oseke wagixabezwa ngesigwebo esingaphezu kwezinyanga ezingu-12, kungafunakalanga nanhlawulo kuye akuvumelekile
ukuthi abambe ehhovisini lomphakathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma waboshwa ngenxa yokungawuthobeli umthetho wokuvela ngaphambi kwekhomishana ka Zondo eyabe iphenya nokugwamandwa kombuso.

Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM uZikalala uchaza ngokuholele ekutheni uZuma etholakale esenecala.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background