uRhulani Mokwena uthi uNkulunkulu ungumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs.

Written by on 1 September, 2023

By: Simtho Dladla

Umqeqeshi we-Mamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uyakholelwa ukuthi uNkulunkului ungumlandeli omkhulu weqembu le-Kaizer Chiefs.

U-Mokwena ekhuluma nabezindaba emahhovisi amakhulu ePSL ngaphambi komdlalo wabo weMTN 8 nala bezobhekana khona neChiefs ngoMgqibelo ntambama enkundleni yezemidlali iFNB eGoli.

Uqhuba ngokuthi ngesikhathi esakhula elokishini lase-Orlando West, ube nenhlanhla yokubuka imidlalo eminingi yaleliqembu uma idlala ne-Orlando Pirates noma neMoroka Swallows kanti kunezigameko la ebona khona ukuthi banenhlanhla nje kweminye imidlalo abakwazile ukuyinqoba.

“Ngangizizwa izinkulumo zabantu, ngibone nangezindaba nje ngesimo somdlalo uma iPirates izodlala ne-Chiefs, noma uma iSwallows idlala neChiefs kanti emdlalweni eminingi ubone ukuthi isandla sikaNkulunkulu siphezu kwe-Chiefs. Kuyiqiniso elimsulwa, uNkulunkulu kungenzeka ukuthi ungumlandeli we-Chiefs”

Uzokhumbula ukuthi womabili lamaqembu aseke abhekana ngasekuqaleni kwalesizini kanti uMokwena wakwazi ukushaya amakhosi ngengoli elilodwa eqandeni emdlalweni owawuse-Atteridgeville, kanti iChiefs izoba nethuba lokuziphindiselela ngaloMgqobelo.

”Awekho ngampela amazwi akhuthazayo adlula lawo noma ningahleka kodwa kuyiqiniso. Eqinisweni nje nami ngiyafisa ukuthi kube khona umuntu ozothi kimina “Nkosi yami, uNkulunkulu uyakuthanda” angasho nje ngomlomo kodwa abe nobufakazi obubonakalayo ukuthi lokhu kuyiiqiniso” kuqhuba uMokwena.

image: Sydney Mahlangu/BackpagePix

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background