By: Pamella Majola
IKhomishana eyangamele ezokhetho I-IEC ithi isaqhubeka nokwenza uphenyo mayelana nohlu oluphutshukile lwabantu abazongenela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngomhlaka 29 May.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngempelasonto kwaputshuka uhlu lwamagama abazongenela ukhetho emaqenjini amabili nokubalwa kuwo i-African National Congress (ANC) kanye noMkhonto weSizwe Party.
Oyisikhulu sakwa-IEC uSy Mamabolo uthi umuntu okunguyena ophutshukise lamagama usexoshiwe emsebenzini kanti uphenyo luyaqhubeka.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/K7pG2Z2YMZr3yD&podcast_id=f95f778e-c17a-438f-849e-1a916441b248″ width=”100%” height=”200″]