Usizi Kushona Usonhlalakahle Obeyosiza

Written by on 8 March, 2024

By: Nompendulo Ngubane

UNgqongqoshe WokuThuthukiswa KoMphakathi KwaZulu-Natal, uNonhlanhla Khoza, usezwakalise amazwi enduduzo kulandela ukushona kukasonhlalakahle.

Lokhu kuza njengoba lowesimame eshone esigamekweni sengozi yemoto kade beyosiza umntwana olahlwe abazali bakhe.

Okhulumela umnyango uMhlaba Memela uthi usonhlalakahle ubehamba nozakwabo bephuma esibhedlela eTshelejuba, OPhongolo eNyakatho nesifundazwe.

Lesi sigameko senzeka nje umnyango ubungaza inyanga kaMarch njengeyosohlalakahle lapho bebongwa ngomsebenzi abawenzayo ezweni.

UMemela uthi lokhu kushaye kwazwela kulo mnyango futhi njengoba lona wesifazane eshone esemsebenzini eyosiza umntwana obedinga usizo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background