Zizoqina Ezokuphepha EThekwini
Written by Mduduzi Phungula on 5 December, 2023
By: Sthulile Mdletshe
UMeya weTheku uMxolisi Kaunda uthi ezokuphepha zizoqina enkabeni yalelidolobha njengoba sekufakwa amakhamera amasha azoqapha abahlali.
Uqhuba ngokuthi umkhandlu ububeke eceleni imali elinganiselwa ku-100 million wamarandi ukulungisa nokuthuthukisa amakhamera e-CCTV nokuwuhlelo oluqale ngenyanga kaSeptember ukulwisana nesihlava sobugebengu.
Emva kokubulawa komculi u-Kiernan Forbes obekade aziwa ngelika-AKA ekuqaleni kwalonyaka, idolobha lathola ukugxekwa ngamakhamera alo angasebenzi kahle.
Amaqembu aphikisayo azwakalise ukukhathazeka ngokuthi ukungabi khona kwamakhamera kubambezela uphenyo lwamaphoyisa kanye nokuthungathwa kwabasolwa.
Kodwa ke uKuanda ekhuluma neGagasi FM uthi lamakhamera ezobuchwepheshe azolekelela nokulawula ukuhamba kwezimoto, nokubhekana nezimo eziphuthumayo kanye nokusatshalaliswa kwezinsiza ezibalulekile zikamasipala.