By Noluthando Mchunu
Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal uNomagugu Simelane usehlabe ukhwelo kubona bonke abantu abadla imishanguzo yokuthithibalisa iHIV ukuthi bangayiyeki ngoba lokho kuzobeka impilo yabo engcupheni.
USimelane ubekhuluma eGroutville, KwaDukuza enyakatho yesifundazwe, lapho bekuhlangene khona iminyango kahulumeni ngaphansi kohlelo i-Operation Sukuma Sakhe.
Kulomhlamgano, amalungu omphakathi athole ithuba lokudlulisa izikhalo zawo mayelana nokusebenza kweminyango kanye nezinhlelo zentuthuko.
Okuvelile ukuthi abanye abantu imishanguzo bayiyeka ngenxa yokuthi imitholampilo ikude kakhulu nabo, nokwenza kube nzima ukugibela imali mayingekho.
uSimelane uthi asikho isizathu okumele senze umuntu ayeke imishanguzo.



