By: Nompendulo Ngubane
Abaholi bendabuko sebeveze ukuthi uxhaso lwabo namavoti abo bazowanikeza iqembu loMkhonto WeSizwe eliholwa ilowo owayengumengameli we-African National Congress, uJacob Zuma, osehola iqembu le-MK.
Lokhu kuvezwe, uMakhosi Mchunu, waseThekwini obengomunye wezikhulumi emele abaholi bendabuko ngesikhathi i-MK ibambe umcimbi eOrlando Stadium eSoweto wohlu lwezithembiso zayo esifundazweni saseGauteng, njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe ezinsukwini ezingu-9 ezizayo.
Abalandeli baleli qembu bagcwalise phama le nkundla yezemidlalo kanti bebevela ezifundazweni ezahlukene, phakathi kwabebe khona kubalwa amakhosi, abefundisi, abantu abakhubazekile nabasho kwagcwala umlomo ukuthi bameseka ngokuphelele uZuma.
UMchunu uthi iqembu kumele livotelwe ngoba libonakala lizoza noshintsho.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/wWL78v9R3xmKNq&podcast_id=ece1ab02-2dd9-41dc-a8ef-f3be017fb6ff” width=”100%” height=”200″]