Noluthando Mchunu
Inyunyana yoThisha i-NAPTOSA iwushayele ihlombe umbiko weKomidi lephalamende elibhekele ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi i-SCOPA mayelana nokusebenza kwezimali zomnyango wezemfundo KwaZulu-Natal ngonyaka wezimali u2025/2026.
Lomnyango oholwa uNgqongqoshe uSipho Hlomuka uke wabhekana nezinkinga zezimali neseziholele ekutheni izinyunyana zibambe amamashi ahlukene zikhala ngokungaholelwa kothisha bakwaGrade R, ukungalungiswa kwengqalasizinda ezikoleni kanye nokushoda kwezimali zeNorms and Standards.
Okhulumela i-Naptosa uThirona Moodley uthi lombiko unikeza ithemba ngokuthi umnyango uyawalungisa amaphutha futhi ngeke kusaphazamiseka ukufunda nokufundisa ngenxa yabantu abathile abasebenzisa budlabha izimali zomnyango.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaMoodley…
“Moving from a qualified audit to an unqualified audit opinion with findings, now this is an improvement, it is a positive indication that the department is making progress in strengthening financial management, governance accountability and internal control systems.” kusho uMoodley.
Uphinde wathi,”So we must acknowledge the efforts that have been put to reduce the irregular expenditure and to bring down the departments bank overdraft.”
UMoodley ugcizelele ukuthi kodwa-ke, nakuba bekwamukela lokhu futhi kuyimpumelelo, bafuna ukugcizelela ukuthi ukuthola umbiko wocwaningo lwamabhuku ongenagcobho yize umgcini mafa kukhona akubone njengokungahambanga kahle, kufanele kube yisisekelo sokuqhubeka nokwenza kangcono.



