Abalandeli be-Kaizer Chiefs bafuna ijazi ligcwale umoya ku-Cavin Johnson

Written by on 8 April, 2024

By Ayanda Nyuswa

Abalandeli be-Kaizer Chiefs bafuna ijazi ligcwale umoya kumqeqeshi osabambile u-Cavin Johnson njengoba izinto zingalihambeli kahle iqembu lase Naturena kwimdlalo ye-DSTV Premiership. Amakhosi akhale ngaphansi ngo 2-0 kumdlalo weLigi ne-Chippa United ngomgqibelo ntambama. Lomphumela usubeke Amakhosi ku-Number 8 kwi-log emva kwemidlalo ewu-23, njengoba sekusele imdlalo ewu-7 ngaphambi kokuba kuphele i-season

Abalandeli beChiefs bazwakalise ukudumala okukhulu ngomsebenzi ka-Johnson selokhu athatha izintambo njengebamba ngo October wangonyaka odlule, bephawula kuhlelo iExtratime kumsakazo iGagasi FM.

“Ey Mgabadeli ngeke ngoCoach wethu, akabone aze ngayo Mgabadeli, uma kuthiwa kukhona isgodlo semithi thina siyisigodlo samaphuzu, ngeke siye ndawo ake kuzanywe kusemanje kutholwe umuntu ozosicijela iKaizer Chiefs, Kubi Mgabadeli Kubi”, kusho u-NUZ eMlazi

“Ngokwami sengihalela ukuthi kusuke uJohnson manje ngoba ubuyele eceleni ngoba loyamuntu unebhadi. KwiGame yokugcina ubesisethe ngendlela esifuna ngayo iSkeem inkinga unebhadi, akabuyele eceleni abadlali abamsabi”. – kusho uSandile Mgaba 

Kanti ungoti wezemidlalo kwiGagasi FM uMike Makaab uthi akagculisekile ngezinguquko ezenziwa uJohnson kumdlalo nomdlalo njengoba kubonakala ngathi akanaso iskimu asethembayo.

”Into engikhathaza kakhulu ukuthi umqeqeshi ulishintsha kakhulu iqembu lakhe noma lidlala kahle, okukhombisa ukuthi akanaso iskimu sabadlali asethembayo,” kusho uMakaab.

“Ngicabanga ukuthi iChiefs ayidlalanga kabi kumdlalo we-Stellenbosch, okudale ukuthi ngithuke kakhulu uma ngibona izinguquko kwiqembu ngenkathi lizodlala ne-Chippa United. Asazi ukuthi kwenzekani eJimini kodwa ukudlala ngeskimu esisodwa kungasiza kakhulu ekunikeni abadlali ukuzethemba.”


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background