“Abantu Bazoluthola Eduze Usizo Lwezasekhaya”- Nomusa Dube-Ncube

Written by on 14 May, 2024

By: Xolani khumalo

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube-Ncube, uthi bewuHulumeni wesifundazwe bakuthokozela kakhulu ukwabelwa ama-Truck azosebenza njengamaHhovisi akwa-Home Affairs.

Lama truck ayingxenye yawu-100 uMongameli uCyril Ramaphosa awethule ngokusemthethweni ngesonto eledlule eLimpopo.

Kanti isifundazwe saseKZN sona sabelwa angu-16 azobe esebenzela ezindaweni eziningi ukuletha usizo eduze ikakhulukazi lezo ezisemaphandleni.

Ekhuluma emhlanganweni wesishayamthetho namuhla uDube-Ncube uthi lamahhovisi azogudla ezindaweni eziningi eletha usizo kubantu.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background