Skip to main content

By: Bright Ntuli

Amaphoyisa KwaZulu-Natal athi asematasa athungatha umkhondo wezigebengu ezimbili ezisolwa ngokuduna imoto yemali esigcemeni sakwa-U eMlazi eningizimu yeTheku.

Izolo ebusuku amaphoyisa adubulane nabalisa ekusolwa ukuthi badune imoto yemali kwathi ababili babo bashonela khona enkundleni, abanye ababili bagcwala amathafa.

Aqhuba ngokuthi abelandela umkhondo walesigameko esenzeke eSiphingo nalapho labasolwa behlaselwe khona unogada wemoto yemali, bamphuca nesibhamu sakhe somsebenzi, maqede badla phansi nesamba semali esingakadalulwa.

Oyisikhulumi samaphoyisa, uRobert Netshiunda, uthi ngenkathi labasolwa sebebaleka bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kumalungu omphakathi.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Pn42J6QwBM1w3M&podcast_id=0f1d07f2-ebf7-4e7a-9a86-7f35e1eb50d4″ width=”100%” height=”200″]