Skip to main content

Bright Ntuli

Amaphoyisa asekhiphe isexwayiso kubathengi ukuthi baqaphele kulempelasonto ka Black Friday njengoba amaqola azobe ephume ngobuningi bawo.

Abathengi sebenxuswe ukuthi baqaphele, bavule amehlo futhi bathathe izinyathelo, ukuqinisekisa ukuphepha kwabo kanye nezimali zabo, njengoba amaqola ezobe ephume ngezinkani ngempelasonto yezindali ze Black Friday.

Amaphoyisa athi ukwanda kwezipesheli ngalesikhathi kuvame ukuholela ekutheni kube nezixuku ezinkulu zabantu ezindaweni zokuthenga kanye nakuma-ATM okuvulela izigebengu amathuba okuthi zihlasele abathengi abangaqaphile.

Okhulumela amaphoyisa uCherelle Ehlers usekhuthaze abathengi ukuthi basebenzise izindlela zobuchwepheshe ukukhokha.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaEhlers…

“Members of the public are advised to use reputable and secure website, verify the authenticity of online retailers and sellers. Never disclose their banking details, pins and passwords to anyone,” kusho u Ehlers.

“Be particularly cautious of online offers and bargains that appear too good to be true as these could be fraudulent.