Aseqhwakele phezulu Amabhokobhoko ku-Pool B.

Written by on 2 October, 2023

Iqembu lesizwe leRugby kuleli, Amabhokobhoko, asezibeke endaweni enhle yokudlulela esigabeni somkhumula jezi emdlalweni yendebe yomhlaba eqhubeka ezwenikazi laseFrance.

Leliqembu lika Jacques Nienaber livulele isibhaxi sika- 49-18 kwi-Tonga emdlalweni walo wokugcina kwiqoqo lamaqembu akleliswe esigabeni sesibili. Isithenjwa esishaya ibuya kuleliqembu u-Handre Pollard ushaye adume ngazo njengoba ekwazile ukuvalela phakathi woke amabhola abebhekene nawo. Uzokhumbula ukuthi ubuya kuleliqembu nje kulandela ukulimala kuka Malcolm Marx kanti bese kukhalwe kakhulu ngabadlali abakwazi ukukhahlela kuleliqembu.

Amabhokobhoko asehlezi phezulu ku-Pool B ngamaphuzu angu- 15 emva kwemidlalo engu-4 asebeyidlalile kusukela kuqale indebe yomhlaba kulonyaka eFrance. Khona manjalo kubanjwe umoya kuleliqembu kulandela ukulimala kukaMakazole Mapimpi ogcine ekhishiwe kulomdlalo ngesiwombe sokuqala. U-Mapimpi ushayisane nomdlali weTonga u-Augustine Pulu nokuholele ekutheni alimale ebusweni nokubonakale ukuvuvukala emva kwemizuzu nje emihlanu.

Umqeqeshi uNienaber uthi bazolindela umbiko kadokotela mayelana nodaba lukaMapimpi kanti uma elimale kakhulu sekungenzeka ukuthi balande iwinger yeSharks u-Lukhanyo Am obeshiywe ngaphandle ukuthi azovala isikhala sika Mapimpi.

image: Springboks


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background