“Ayengcono Amathuba Kwezomnotho Ngaphansi Kobuholi Buka-Dube-Ncube” – Pappas

Written by on 22 February, 2024

By: Sthulile Mdletshe

IMeya yoMasipala uMngeni, u-Chris Pappas, usesole uSihlalo we-African National Congress (ANC) KwaZulu Natal, uSboniso Duma, ngokwehluleka ukusimamisa umnotho wakulesisifundazwe nokuqhamuka nezindlela zokwakha amathuba omsebenzi.

UPappas nokkwele wadilika ku-Duma uthi kusobala u-Duma akakukhathalele ukuthuthukiswa kwemiphakathi nempilo zabantu kunalokho ugaqela isikhundla sikaNdunankulu, uNomusa Dube, Ncube.

Ngokusho kwa-Pappas nobekhuluma ohlelweni Indaba uthi amathuba omsebenzi nokuthuthukiswa kwamakhono kwakungcono uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ungaphansi kobuholi buka-Dube Ncube.

UPappas uthi uma ingabhekile i-ANC izophuma emandleni ilibele ukubanga izikhundla kunokusebenzela imiphakathi.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

Ephendula ngalezinsolo, uDuma usebeke kanje.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background