Bafuna Ukuphuma Otakwini Abahlala Emabhilidini Kahulumeni Ngokungemvume

Written by on 7 September, 2023

By: Dawud Phungula

Abahlali abahleli ngaphandle kwezimvume ebhilidini i-Seaman’s Institute, ePhoyinti enkabeni yeTheku bathi abazi bangenzanjani uma kungathiwa bayakhishwa kuleli bhilidi.

Basho kanje njengoba uNgqongqoshe wezokuHlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uSipho “KK” Nkosi, ebeyohlola leli bhilidini nabezindaba.

Labahlali bathi sebehlale iminyaka engaphezulu kweyishumi kulesakhiwo  yize sisesimweni esingesihle.

Lelibhilidi linezindonga eziwayo, amawindi afile, izindlu zangasese ezingekho esimeni .kanti ezinye izindlu zashiswa ngumlilo.

Abahlali bekhuluma nezindaba zeGagasi FM bathi isimo salelibhilidi sibi impela kodwa bafuna umnyango ubenzele ubulungiswa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

UNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, uSipho ‘KK’ Nkosi, uthi basazohlala phansi bahlele ukuthi yini engenziwa ukuqinisekisa ukuthi abantu abahlala kulamabhilidi banendawo ephephile yokukhosela.

UNkosi uvakashele amabhilidi amathathu kahulumeni eThekwini  njengoba ngesikhathi engena ehhovisi ngoMeyi kulonyaka wenza isithembiso sokuthi uzolusukumela udaba lwamabhilidi okuhlalwa kuwona ngokungemvume.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background