Bamfuna Egxoshiwe UThishanhloko Ohlukumeza Abafundi

Written by on 27 September, 2023

By: Nhlanhla Mbokazi

Umndeni womfundi osola uthishanhloko wesikole afunda kuso ngokuzama ukumdlwengula uthi namanje usakhungathekile ngesenzo salomholi.

Lo mndeni usho kanje ngesikhathi uyingxenye yombhikisho obubanjwe ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo kwi-sekhethi i-Vulindlela, eTaylor’s Halt, ePietermaritzburg.

Inhlangano yabahlali i-SANCO ihambisana nomphakathi waseMpendle nayo ibambe lemashi ngenhloso yokweseka lo mndeni.

Ekhuluma nezindaba ze-Gagasi FM, umalume walomfundi, uthi umntwana wabo uphazamisekile.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, umqondisi wezemfundo esifundeni uMgungundlovu, uSiqhamu Mabinza, uthi baphezu kwezinhlelo zokuthi lo mfundi athole ukwelulekwa ngokwengqondo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background