Skip to main content

By: Sthabile Majola

Umphakathi wase-Hammarsdale eMlaba Village Ku-Ward 4 ngaphansi kukaMasipala weTheku usumise ukusebenza kwikontraki evulwe namhlanje.

Lokhu kulandela ukuthi imibiko yokuthi inhlangano ezibiza ngamaDela ngokubona esiqashe abantu abasuka kwenye indawo eNtshongweni naseBurlington ukuthi bazosebenza kulekontraki ngenkani.

Lomphakathi uthi ngesikhathi kugencwa izihlahla kulendawo, kulungiselelwa ukwakhiwa ama-Warehouse babethenjiswe ukuthi bazoqashwa, ikakhulu abantu abasha ngoba yibo abangasebenzi.

Ukhuluma nezindaba zeGagasi FM, lomphakathi uthi awukho umsebenzi ozoqhubeka uma engekho amalungu awo aqashiwe.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/QWmqZZJn9xJ0vG&podcast_id=806601a5-2fc6-41e7-a305-14982c20e6b3″ width=”100%” height=”200″]