Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Inhlangano yezombusazwe i-African Congress for Transformation, ithi sekucace bha ukuthi iloadshedding yinto eyenziwe, hhayi ukuthi iyazenzakalela.

Okhulumela lenhlangano, uTony Mokoena, uthi ukuba iloadshedding yinto ebucayi futhi engagwemeki kalula, engabe ayivele icishwe nje kalula.

Uthi ngonyaka owedlule ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yebhola lombhoxo iRugby World Cup, iLoadshedding yahoxiswa, kodwa ngesikhathi abafundi bakamatikuletsheni sebebhala izivivinyo zabo, yabuyiswa ngamandla.

UMokoena uthi loluhlelo lwenziwa uma kuthanda uhulumeni, nokuyinto athi izakhamuzi kumele zilwisane nayo ngokuvotela inhlangano enjengeyabo ezoqinisekisa ukuthi ugesi ukhona.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/27Lw3x8mWw4PqR&amppodcast_id=f645f711-90a4-4c1f-a44b-977d2944908f” width=”100%” height=”200″]