I-ANC Ithi Iyazama Ukuthola Izixazululo Ezinkingeni Zakwa-SASSA

Written by on 22 September, 2023

By: Buhle Mbhele

I-African National Congress (ANC) isizichithile izinsolo zokuthi iyehluleka ukuqondisa izigwegwe amalunga ayo ahola iminyango kahulumeni, ikakhulukazi owokuthuthukiswa komphakathi.

Iqhuba ngokuthi yenza konke okusemandleni ukusebenzisana neminyango kahulumeni ukuze impilo yabantu abathembele kuyo ingaphazamiseki.

Oyisikhulumi se-ANC, uMahlengi Bhengu, usho kanje ngenkathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli echaza ngokubambezeleka kokukhokhwa kwemali yezibonelelo zikahulumeni.

Kusukela iqalile lenyanga iningi labantu abaphila ngalemali, libuya lilambatha emabhange nasezitolo ekukhishwa kuzo lemali.

Nokho isikhungo esiholela izimpesheni u-Sassa sithi siyazama ukulungisa izinkinga njengoba sithi sebekhona asebeyitholile imali yabo yezibonelelo.

UBhengu uthi amalunga e-ANC angongqongqoshe ayawenza umsebenzi wawo nabo njengeqembu elibusayo, bamatasa bazama ukuthola isixazululo esisheshayo kulenkinga.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background